Kodwa ng’yo lobola ngani le emazweni
Izinkomo zakithi zahamba no moya nje!
Aku ntombi umntanomuntu, uSuka Sihambe!
Umamatheka ngamhlophe la amehlwana
Anyathele ngonyawo, ipensela, kube sengathi
Uyawuzwela lo mhlabathi...
Aw! Sengiyolithetha ligcwele mina ka baba
Ngoba lo oseyidlile, udli cala!
Kodwa Zulu uyangizwa na? !
Kusho mina ucelemba ubugawugawu-
Ogawul’ abezizwe wagawul’ abasemazweni!
Untombi z’ya mthanda z’yamlanda z’yamlandela!
Um'baban' uyabab' unjengo pelepele-
Omame bayakhala bathi lomfana
Useyinikeni lengane ngoba isencane nje...
LLM Mbatha
http://www.poemhunter.com/poem/zulu-inkondlo-kodwa-ng-yo-lobola-ngani/