LLM Mbatha - [Zulu, inkondlo] Amagama

PoemHunter.com 2014-11-08

Views 7

Ngifisa sengathi bengingakwazi
Ukwakha ubukhosi
Ubukhosi obunesithunzi kanye nomnotho
Ngama gama nje qha
Amagama antofontofo okuphathaphatha
Amagama aqinile okuqondisa
Amagama enzayo
Hhayi akhulumayo
Kodwa ke sithandwa sami, wena kanye nami siyazi
Ukuthi amagama ewodwa awenelanga
Ngoba ukube ebenele
Imizwa yenhliziyo yakho ibiyozwana-
ibuye ihambisane naleyo yenhliziyo yami

LLM Mbatha

http://www.poemhunter.com/poem/zulu-inkondlo-amagama/

Share This Video


Download

  
Report form